By: Bright Ntuli
Oyisikhulu esiphezulu kwa-IEC, uSy Mamabolo, uthi ukusayindwa kwe-Electoral Code of Conduct kuyisibophezelo nesifungo sokuthi izinhlangano zepolitiki kanye namalungu azimele azongenela ukhetho azoziphatha kahle.
UMamabolo usho kanje emcimbini oqhubeka eGallagher Estate eGauteng, wokusayindwa kwalesibophezelo.
Uqhuba ngokuthi balinganiselwa ku-27 million abantu bakuleli ekulindeleke ukuthi bavote okhethweni oluzoba ngomhlaka 29 ku-May.
UMamabolo uthi ukusayindwa kwalesibophezelo kusho nokuthi izinhlangano kuzomele ziphendule uma kukhona imithetho yezokhetho ephulwayo.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampampampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/JK99nBzwX3886D&ampampamppodcast_id=a4a94933-acde-4174-9eba-c7e6ecdc2b61″ width=”100%” height=”200″]



