Skip to main content

Pamella Majola

Amaphoyisa aseTownhill ePietermaritzburg asekuqinisekisile ukuthi aphenya icala lokubulawa komfana oneminyaka engu-17 ubudala, otholwe eseshonile endaweni yaseMbutshana eSweetwaters.

Okhulumela amaphoyisa esifundeni uMgungundlovu, uSifiso Gwala, uthi isidumbu salo mfana sitholwe sinamanxeba amaningi okugwazwa.

UGwala uthi amaphoyisa asaphenya ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni nokuthi yini eholele ekufeni kwalo mfana.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza mayelana nophenyo kulesi sigameko ukuba aludlulisele emaphoyiseni.

“Ukuthola kwamaphoyisa loweslisa ubegcinwe ngayizolo ebsukuku ngoLwesithathu eyolala, watholwa yilungu lomndeni eselele enamanxeba okugwazwa,” kusho uGwala

“Okwamanje kusaphenywa ngalesigameko, bekungakaboshwa muntu,” ephetha.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaGwala.