Skip to main content

Pamella Majola

Inhlangano yabelaphi bendabuko i-Umwelela Phesheya, eHopewell ePietermaritzburg maphakathi ne-KZN, ithi abelaphi kumele badlale indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi abantu abelapha ngamakhambi esintu benza umsebenzi wabo ngendlela efanele, bangawudukisi umphakathi.

Omele lenhlangano, uNtombikayise Magoso, uthi ukuba nezimvume ezigunyaza abelaphi bendabuko ukwelapha kungasiza ekuqinisekiseni ukuthi basebenza ngokulandela imithetho.

UMagoso usho kanje emhlanganweni womphakathi obuhlanganise izinhlaka ezahlukene, lapho bekudingidwa khona ngodlame lwezobulili nezindlela zokulwa nalo.

“Izitifiketi abanazo abaningi futhi abaphasi nhlobo. Omunye uzidlela indiki nje azithengele amabhayi nobuhlali abugqoke, usewumlaphi wendabuko.”

“Lokho kudibaza isithunzi sethu bese kuba ngathi sonke thina balaphi bendabuko senzenjalo,” kusho uMagoso.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMagoso.

Usephinde wanxusa umphakathi ukuthi uqaphele uma ufuna usizo kubelaphi bendabuko.