Bright Ntuli
Oyilungu leKhomishini kaMadlanga, uAdvocate Sesi Baloyi useqhakambise iqhaza elibanjwa abezindaba emphakathini wakuleli.
UBaloyi uthi abezindaba banamandla amakhulu kanye nejoka lokubika izindaba ngendlela efanele nenobuqotho kodwa lamandla kumele asetshenziswe ngendlela enobulungiswa ngokuzimela nangokubheka ezithinta umphakathi.
UBaloyi ongomunye wabameli abahlonishwayo kuleli usho kanje ngesikhathi ethula inkulumo yekhethelo emcimbini wokwenyusa isikhwama senhlangano yabahleli bezindaba, i-SANEF, eHoughton, eGoli.
Lomcimbi bewungaphansi kwesihloko esithi, “Ukubhala Isahluko Esilandelayo Sentando Yeningi.”
UBaloyi unxuse abezindaba ukuthi bangayivali imibono abangavumelani nayo, kodwa bavikele ilungelo labanye lokuveza imibono eyehlukile.
Abezindaba bayakwazi futhi kumele baqhubeke nokuhlinzeka ngezinkundla ezivumela ukuvezwa kwemibono eyehlukene, okubalwa nemibono engqubuzanayo.”
“Lokhu kungenxa yokuthi inhloso enkulu wukwakha isimo lapho imibono engafani ivunyelwe khona ukuba ivezwe, ukuze kuvuleke ithuba lokuthi umphakathi wakhe futhi uveze imibono yawo,” kusho uBaloyi.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaBaloyi…



