Amaphoyisa athi ngeke afe ephethe izibhamu.
Written by Mfundo on 5 August, 2024
By: Xolani Khumalo
Amaphoyisa akuleli athi ngeke ananaze ukuzivikela uma ebhekene nezigelekeqe eziyingozi aphinde avikele nezakhamuzi zakuleli.
U Khomishana wamaphoyisa aseKZN uNhlanhla Mkhwanazi usekugcizelele nokuthi ogadla emaphoyiseni uyobe uyisusile, njengoba nawo ezophindisela ngendlela efanayo.
Abalelwa ku-39 amaphoyisa ashonele emsebenzini ngonyaka owedlule, ebulawa yizigebengu.
Ngo-June nyakanye zabulala iphoyisa elalisebenzela KwaMashu enyakatho yeTheku elaligxile kakhulu emsebenzini wokuthungatha izigebengu ezifunelwa amacala ahlukahlukene.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uAthlenda Mathe uthi bazibophezele ekuqinisekiseni ukuphepha kwemiphakathi kanti banxusa nezigilamkhuba ukuthi zizinikele emaphoyiseni ngaphandle kugoloza.
U Athlenda uyanaba:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.