Skip to main content

Bright Ntuli

Isikhungo esibhekele izibonelelo zikaHulumeni uSASSA sesinxuse labo abathola imali yezibonelelo ukuthi babike uma sekunezinguquko ezikhona esimweni sabo sezimali.

Lesikhungo sithi uma umuntu ayebhalise njengongasebezi kumele asho uma esethole umsebenzi ngoba ukugodla lemininingwane kungase kumfake enkingeni. 

Kanti sesincome labo ababaneqiniso basho uma sebethole imisebenzi noma sekukhona imali abayitholayo, bahoxise izicelo zabo zokulekelelwa ngalemali.


Okhulumela uSASSA uAndile Tshona uthi labo abasaqhubeka nokuhlomula ngezibonelelo yize bazi kahle ukuthi akusafanele, banelungelo ngokomthetho ukubaphoqa ukuthi bayikhokhe yonke imali abebeyihola kungafanele.

“The voluntary disclosure of changes is a legislated obligation placed on every social grant recipient. Social grants are intended to support individuals and households that continue to meet the prescribed requirements and who’s circumstances warrant such assistance,” kusho u Tshona.

Ngokwezibalo zakamuva ezitholakalayo ze-SASSA, babalelwa ku 26 million abantu baseNingizimu Afrika abahlomula ngezibonelelo zikahulumeni, okubalwa kuzo nesibonelelo sabantu abaswele i-Social Relief of Distress (SRD) esingu-R370.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uhlela ukusebenzisa imali elinganiselwa ku-R24.4 billion ngenyanga ukukhokhela izibonelelo zikahulumeni, njengoba isabelomali sonyaka wezimali ka-2026/2027 sibekelwe imali elinganiselwa ku-R292.8 billion.