Skip to main content

Pamella Majola

Usihlalo wekhomishana ebhekelele ezokhetho iI-EC uMosotho Moepya uthi kuzoba khona ukhetho lokuchibiyela oluzobanjwa kumaWard angu 5 ezweni lonke.

Kwamanye alama Wadi kuvotwe sebevele sebeshonile abantu amaqembu ezepolitiki abefolose ngabo kwezamakhansela kanti kwamanye bekungekho umuntu ekufoloswe ngaye.

UMoepya uthi kuMaspala waseMlalazi kuWard 17 enyakatho yeKZN kushone ikhansela leIFP ekuyilo elinqobe ukhetho nosekuphoqa ukuthi kuqalwe phansi kukhethwe omunye umuntu.

Usho kanje ekhuluma esithangamini sabezindaba lapho ebethula khona inqubekela phambili kulandela imiphumela yokhetho.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMoepya…

UMoepya uthe,”Parties may only change the order of their list or replace nominated candidates after the date of the first sitting of council meetings and prescribed in the Local Government Municipal Structures Act.”

“A party that submitted fewer names than seats won and has failed to supplement its list risks forfeiting seats if the shortfall renders chorum impossible for the municipal council,” kusho usihlalo weIEC.

Kanti kulindeleke ukuthi kube nokhetho lokuchibiyela phakathi kuka ward 12 no 13 kumaspala wasePhumani Phungula emvakokuba uAndreas Gumede weMK Party afolose futhi anqobe kuwo womabili lamawadi.

I-MK Party ithi kube nephutha eliholele ekutheni lelilungu layo lingenele ukhetho lwezigceme ezimbili kanye kanye.