By: Xolani Khumalo
Sesisale enkundleni isigebengu esisodwa ngesikhathi izigelekeqe zidubulana namaphoyisa Ezimangweni eNanda, eNyakatho yeTheku.
Lesigameko senzeke namhlanje ekuseni, lapho amaphoyisa ethole umkhondo ngendawo lapho ekucashe khona izigebengu ezifunwa uthuli ngamacala anzima ekubalwa kuwo nawokubulala.
Kuthe uma amaphoyisa efika kulomuzi ahlangabezwa izinhlavu, edutshulwa abasolwa, amaphoyisa abe eseziphindiselela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uJay Naicker, uthi ngokophenyo olungakaphothulwa sekuvele ukuthi umsolwa bekunguye obefunwa ngecala lokuzama ukuthi acishe abulale owayeyikhansela lendawo eNhlungwana.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/QzYYB400w0x4WD&podcast_id=2878357f-98bd-407d-bf31-cc0cfe20b5fe” width=”100%” height=”200″]