Ezobunhloli Kuthiwa Bezimanqika Ukuphenya Ngenkohlakalo Kwa-Eskom
Written by Mduduzi Phungula on 16 November, 2023
By: Sthulile Mdletshe
Isikhulu samaphoyisa esathatha umhlalaphansi sesitshele iPhalamende ukuthi i-State Security Agency besimanqika ukubhekana nenkohlakalo kwa-Eskom
U-Jap Burger usho kanje ethula ubufakazi bakhe phambi kwekomidi elibhekele ukusebenza kwezimali zahulumeni.
IKomidi i-SCOPA liphenya ngezinsolo ezenziwe ngowayeyisikhulu sakwa-Eskom, u-Andre de Ruyter, ngo-Ephreli ngaphambi kokuthi asule.
Igama lika-Burger laqhamuka ngo-De Ruyter, ethi amacala enkohlakalo eyenzeka kwa-Eskom wayewabika kuyena kodwa kuphelele emoyeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi u-De Ruyter washiya egeqe amagula edalule ngenkohlakalo eyenzeka kwa-Eskom nathi kunemali elinganiselwa ku-R1-billion entshontshwa nyanga zonke kule nkampani ongqongqoshe abathize.
Eziphendulela uBurger uthi maningi amacala enkohlakalo abephenywa kwa-Eskom nagcine esevaliwe ngoba akukho ukubambisana kunalokho kukhonjwana ngeminwe ngenhloso yokuvikela laba abaqhuba inkohlakalo.
[advanced_iframe src=””https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/J3y6Jqzw0VMB5D&podcast_id=44748759-36a4-468f-96c5-e2590066878d” width=”100%” height=”200″]