Noluthando Mchunu
I-Democratic Alliance KwaZulu-Natal isikushayele ihlombe ukukhula kwayo ezindaweni ezisemakhaya nalapho ethi ibithola amavoti amancane kakhulu.
Leliqembu lisho kanje emva kokuthi kumasipala waseMpendle maphakathi ne-KZN lithole amavoti angu 12.9% okhethweni lomaspala kulonyaka… lisuka ku 2,47% elawuthola ngo2021.
Lokhu kusho ukuthi leliqembu selizoba nesihlalo esisodwa kulomkhandlu nokuyinto engakaze yenze ngaphambilini.
eKZN i-DA ithole amavoti angu 14.22% nokuyibeke endaweni yesine ngezihlalo ezingu 186.
Oyinhloko ye-Da kwisi-funda i-Mooi-Umngeni uEdwin Macrae-Bath uthi lemiphumela ikhombisa ngokusobala ukuthi labo abathi iDA iqembu labantu abamhlophe badlala ngesikhathi.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Macrae Bath…
“This achievement follows two years championed by our DA district councillor, Thami Sithole, our six ward candidates and our local branch.”
“We thank the residents of Impendle for the 2522 votes cast for the DA across both ballots, especially those who supported the DA for the very first time. We campaigned with a clear manifesto for better services accountable governance and economic development,” kusho uMacrae Bath.
I-DA inqobe uMaspala waseMngeni ngo 61% wamavoti okuyigxathi elikhulu uma kuqhathaniswa nemiphumela yangokhetho lango 2021 lapho leliqembu elanqoba khona lomaspala ngo 52% wamavoti.




