Skip to main content

Buhle Mbhele

Usekela Mqondisi weKomidi Lezobunhloli Likazwelonke (NICOC), uNtandazo Sifolo, utshele iKhomishani kaMadlanga ukuthi leli komidi lalazi kusenesikhathi ngesithangami sabezindaba esasizobanjwa ngomhlaka -6 kuJulayi 2025, nguKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi.

Uthi noMengameli uCyril Ramaphosa wayeselungiselelwe ngokwenzeka ngemuva kwaleso sithangami, kulandela ukwaziswa okwatholwa yizinhlaka zezobunhloli.

USifolo wethula ubufakazi bakhe phambi kweKhomishini namuhla, echaza ngendima edlalwe yi-NICOC njengoba kuqhubeka uphenyo ngezinsolo ezenziwa nguMkhwanazi zokugxambukela kwezepolitiki ohlelweni lwezobulungiswa.

Uphinde wachaza ngezinqubo ezalandelwa maqondana naleso sithangami sabezindaba esadala impikiswano.

Cofa ngezansi ukuzwa uSifolo…

“The reports of 2008 as well as the report of 2018 is very interesting because its like 10 years apart. If the same finding about the ministers that the ministers of intelligence tended to find themselves in an operational space,” kusho uSifolo.

Uqhube wathi,”So you need to be circumspect not to unwillingly find yourself giving the minister the reason to embark in an operational space.”

Ubufakazi buka Sifolo busaqhubeka kanti oKhomishana bazoqhubheka nokumpheka ngemibuzo mayelana nokubandakanyeka kwe NICOC kwizinsolo ezavezwa uMkhwanazi.