I-IFP Ithi Mayinikwa Nje Ithuba Izolilungisa ITheku

Written by on 6 March, 2024

By: Zilungile Mkhize

Oqokelwe ukuba abe nguNdunankulu weNkatha Freedom Party KwaZulu-Natal. uThami Ntuli, uthi uma benqoba ukhetho kulesisifundazwe bazoqinisekisa izinkinga ezibhekene nabahlali baseThekwini ziyabhekelelwa.

UNtuli nonguSihlalo we-IFP eKZN uphawule kanjena ngesikhathi ekhuluma ohlelweni Indaba, njengoba kulindeleke lenhlangano yethule uhlu lokusebenza kwayo eMoses Mabhida ngempelasonto.

Abahlali baseThekwini babhekene nenkinga yokushoda kwamanzi nokuholele ekutheni kube nokuvulwa kwamanzi izikhawu, imfucuza egcwele emgwaqeni nokudalwe ukuteleka kwabasebenzi.

UNtuli uthi loMasipala kumele ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background