By: Buhle Mbhele
Inkatha Freedom Party ithi  iyakholwa ukuthi, uma ngase kube nehhovisi elilodwa elisebenzisana nomnyango wamanzi ukusabalalisa amanzi lokhu kungasiza ukuxazulula zonke izinkinga zamanzi kulelizwe.
Owalenhlangano uThabo Xaba uthi indlela uhulumeni weANC enza ngayo yokuthi kube nezinkampani ezingu-9 ezilekelela ukusabalalisa amanzi ikona okubanga izinkinga.
UXaba usho kanje ekhuluma esithangamini sabezindaba kwingqungquthela yenqubomngomo ye-IFP Empangeni, enyakatho yeKZN.
Uqhuba ngokuthi uma iIFP inganqoba okhethweni lonyaka ozayo, izophela indaba yama-agency amaningi amanzi futhi nezinkinga zamanzi zizophela.