By: Dawud Phungula
UMeya kaMasipala OLundi, uWilson Ntshangase usezwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwabantu endaweni yaseBasamlilo oLundi, enyakatho yesifundazwe.
UNtshangase uveze lokhu ngemuva kokuqothwa kwamalunga amahlanu omndeni wakwaMayise.
Uthi abantu kulendawo sebehlalelo valweni kangangokuba abanye sebelala ezintabeni ngendlela isimo esibi ngakhona.
Uqhuba ngokuthi lezigameko zokubulala ziphazamisa izinto eziningi kulendawo ezifana nezikole nemitholampilo njengoba abantu begcina sebesaba ukuphuma emakhaya ngenxa yalezigameko zokubulala.
UNtshangase ekhuluma nezindaba zeGagasi FM uqhuba ngokuthi njengoba kuza ukhetho kuzoba nzima kakhulu njengoba kuphoqa ukuthi abantu kumele baphume ezindlini beyoVota.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/RzW701V9Rvq4n6&podcast_id=6ea521d0-2f9a-4c60-962f-399e0dac276e” width=”100%” height=”200″]