By: Zilungile Mkhize
UHulumeni waseNingizimu Afrika usunxuse iNkantolo yezobulungiswa yamazwe, nehlezi eThe Hague eNetherlands, ukuba ibhekisise isimo sempi nokubulawa kwabantu okuqhubeka eGaza.
Ngesikhathi kuqala ukulalelwa kwecala elifakwe yiNingizimu Afrika, umeluleki wezomthetho u-Adila Hassim, wethule ibalazwe, elibonisa izinyathelo ze-Israel ezivimbela impilo eGaza.
Unxuse inkantolo ukuthi ingasikhiphi isinqumo ngokubulawa kohlanga oluthize, kodwa ivume ukwephulwa kwesivumelwano sokubulawa kwabantu.
UHassim uyakugxeka ukubulawa kwabantu abaningi eGaza, ikakhulukazi abesifazane nezingane, kanye nomthelela omubi emindenini yonke yasePalestina, okumanje ehlakazekile ngenxa yalempi.


