Injabulo Behlomula Ngamanzi Ompompi
Written by Mfundo on 1 March, 2024
By: Nhlanhla Mbokazi
Abahlali basepulazini i-Windy Hill Farm, ngaphansi kukaMasipala uMshwathi, maphakathi nesifundazwe, bathi besiside isikhathi bebhekene nobunzima bokuswela amanzi ngenxa yemithetho eqinile yabanikazi bepulazi.
Labahlali basho kanje ngesikhathi uNgqongqoshe woMnyango wezaManzi nenhlanzeko, uSenzo Mchunu, ehambele le ndawo ukuzothula inqubomgomo kazwelonke evumela ukusebenza komasipala ukuhlinzeka ngamanzi ezindaweni zasemapulazini.
Bathi bebephoqeleka ukuhamba amabanga amade beyokha amanzi eziphethwini ngenxa yokuthi abanikazi bamapulazi bebavalela abanye bebanqabela ukuthola amanzi.
UMchunu uveze ukuthi zikhona izinhlelo esenzenziwe neziqhubekayo ngokusebenzisana nomasipala ukuhlinzeka izindawo zasemapulazini ngamanzi.
Labahlali bekhuluma nezindaba zeGagasi FM sebebeke kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.