Skip to main content

Bright Ntuli

Umholi wenhlangano iKwaXolo Traditional Authority kumaspala iRay Nkonyeni eningizimu ye KZN Inkosi uMxolisi Xolo usencome ukungangeneleli kwezepolitiki kanye nezendabuko ekuthuthukisweni kwengqalasizinda entsha iKwaXolo Caves Adventure Centre.

Uthi kusukela ngo 2022 uqala umsebenzi wokwakhiwa kwalendawo akuzange kube nokuphazamiseka komsebenzi ngenxa yezimpi zepolitiki noma osomathuba abafuna ukukhankasa ngendawo.

Inkosi uXolo isho lokhu ngesikhathi yethula inkulumo yayo emcimbini wokuvula ngokusemthethweni kwengqalasizinda entsha ebize u6 point 1 million wamarandi ukwakhiwa.

Usenxuse izakhamuzi ukuthi zingavumeli izinhlaka zobuholi ziphazamise umsebenzi ezizohlomula ngawo endaweni yaKwaXolo.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo yenkosi uXolo…