Izakhamuzi Zithi Zilangazelele Ushintsho

Written by on 5 February, 2024

By: Menelisi Ndwandwe

Njengoba umzuliswano wokugcina wokubhalisela ukuvota okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe ugoqwe izolo, izakhamuzi zaseMhlanga eNyakatho yeTheku zithi zona manje sezibheke ushintsho ngemuva kokhetho.

Kuqopheke umlando-ke kulonyaka njengoba isibalo sababhalisele ukuvota sesifinyelele ku-27 million kuzwelonke.

Lokhu kuyizinkomba zokuthi lolukhetho luzobe lungolushube kakhulu kwazise angaphezu kuka-300 amaqembu ezepolitiki asohlwini lakwa-IEC azoqhudelana.

Lezizakhamuzi, zithi zizifikele mathupha esikhungweni sokubhalisela ukuvota ngoba zifuna ushintsho.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background