Skip to main content

By: Simtho Dladla

Iqembu leKaizer Chiefs selinqobe umdlalo walo wokuqala ngqa kuleseason entsha ka-2023/24 ku-DSTV Premiership.

Amakhosi asebhaxabule kabuhlungu AmaZulu FC ngo-3-0 eFNB Stadium nokuwumdlalo wokuqala okuthola amaphuzu aphelele ngaphansi komqeqeshi omusha uMolefi Ntseki. Leliqembu lase-Naturena liye kulomdlalo lingaphansi kwenkulu ingcindezi kwazise bese lidlale imidlalo emine kodwa behluleka ukuthola amaphuzu aphelele.

Ukungenzi kahle kwalo besekuqala ukuba nomthelela omubi kubalandeli base-Phefeni kulandela ukuthi indlala yezinkomishi isaqhubeka idla lubi kuleliqembu. Amagoli amabili kaPule Mmodi kanye nelilodwa lika Edson Castillo ehlise amaphaphu kubalandeli kanti anele futhi ukuthatha Amakhosi iwabeke endaweni enconyana kwi-logi.

U-Ntseki uhlabeke umxhwele ngendlela unozinti waleliqembu uBrandon Peterson adlale ngayo kulomdlalo kulandela ukugxekwa kwakhe kakhulu ngokushaya amagoli enethini yakhe emdlalweni edlule bebhekene ne-TS Galaxy abalahlekelwa  khona amaphuzu amathathu.

Uzokhumbula ukuthi uPeterson ubanga indawo no-Bruce Bvuma, Karabo Molefe kanye no-Itumeleng Khune kanti uNtseki ukubeke kwacaca ukuthi usazoqhubeka nokusebenzisa  yena nakuba kunamaphutha awenzile emdlalweni wakhe.

image: Backpagepix

[advanced_iframe src=”<iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/QLrR6mvzZWJM6z&podcast_id=75adeabb-933c-400b-9910-023c83e0855a” width=28% height=200px frameborder><a>Podcast stream by Fabrik.fm</a></iframe>” width=”100%” height=”200″]