Abameli bakaVusimuzi “Cat” Matlala baphikisa ukuthi iKhomishana kaMadlanga isebenzise izitatimende ayezisho ngesikhathi exoxisana nabashushisi ngesivumelwano sokuvuma icala.
UMatlala wayesezivumele ngokwakhe amacala ahlobene nethenda alithola waphinde wavuma ukufakaza ngabanye abasolwa abathintekayo okubalwa kubo nezikhulu eziphezulu zamaphoyisa.
Kodwa leso sivumelwano sagcina singaphumelelanga ngemuva kokuthi inkantolo yenqaba isigwebo esasifunwa uMatlala ngoba ithi sithambe kakhulu.
Ngemuva kwalokho uMatlala wahoxa kuleso sivumelwano.
Abameli bakhe bathi izitatimende azenza ngesikhathi kuxoxwa ngaleso sivumelwano zivikelwe ngumthetho ngakho akufanele zisetshenziswe yiKhomishini kaMadlanga.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMmeli kaMatlala…
“It will bring justice to disrepute in the commission. We are respectfully going to submit to you that under no circumstances, not even in the broadest way of interpreting rules of evidence the commission act, and or regulations can it be used,’ kusho omunye wabameli baka Matlala.
UMatlala usaqhubeka nokufakaza kwiKhomishana kaMadlanga kanti kulindeleke ukuthi ukuvela kwakhe kuqhubeke phakathi koMsombuluko noLwesibili.



