Skip to main content

Zilungile Mkhize

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi unxusa ukuthi kuqiniswe ukusebenzisana phakathi kwezinhlaka ezahlukene zikahulumeni, imiphakathi kanye nezamabhizinisi azimele, ukuze kuthuthukiswe izinsiza zokweseka izingane eziphila nokukhubazeka nemindeni yazo.

Lelikhwelo liza ngesikhathi lapho kuqhubeka inyanga yokuqwashisa ngamalungelo abantu abakhubazekile, uNovember, neqale ngomhlaka 3 November kuya ku 3 Decembe.

Okhulumela umnyango uLumka Oliphant, uthi imindeni ekhulisa izingane ezinokukhubazeka ivame ukubhekana nengcindezi yezindleko ezandiswa umthwalo wokuzinakekela.

Uthi nokuthola izinsiza ezikhethekile zokunakekela umuntu okhubazekile akulula.

Cofa ngezani ukuzwa inkulumo ka Oliphant…


Uthi ukwesekwa akumele kugcine ngemfundo kuphela, kodwa kufanele kubandakanye nokwelashwa nokuvuselelwa kwamakhono, usizo ekukhuleni nasekuthuthukeni kwezingane, kanye nokuthola ukunakekelwa okufanele.