Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe wezempilo u-Joe Phaahla useqinisekisile ukuthi ekupheleni kwalenyanga ka-Maarch okungenani ochwepheshe bezempilo abasanda kuqeqeshwa abangu-800 bazoqashwa uhulumeni ngokuphelele.

Lokhu kulandela isiteleka NgoFebhuwari, lapho ochwepheshe bezempilo kanye nodokotela bangenela umbhikisho kazwelonke bekhala ngokungaqashwa.

Bazwakalisa ukhathazeka ngokuthi uMnyango wezempilo awunazo izinhlelo zokubatshala ezikhungweni ezifanele zempilo uma sebephothule izifundo zabo nokwenza kube nzima ukuthola imisebenzi.

Ephendula imibuzo ePhalamende likazwelonke uPhaahla uthi uchatha abawutholile wesabelomali kuMgcinimafa Kazwelonke uzokwenza umehluko omkhulu.

UPhaahla uthi kuyimanje sebekhona abangu-270 asebezitholile izincwadi zokuqashwa.