By: Sthulile Mdletshe
UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthi zihambe kahle kakhulu izivivinyo zikamatikuletsheni wanyaka ka-2023.
Oyisikhulu esiphezulu kulomnyango u-Rufus Poliah uthi akubanga khona zihibe amaphepha afike ngesikhathi ezikoleni kanti kuze kwaqedwa ukubhala engekho namacala okungaziphathi kahle abikiwe.
Bangaphezu kuka-700,000 abafundi bakamatikuletsheni abebekade bebhala izivivinyo zalonyaka ezikhungweni zokuhlola ezingaphezu kuka-8,000 ezweni lonke.
U-Poliah usencome ukuziphatha kahle kwabafundi kanti imiphumela kulindeleke ukuthi iphume ngeviki lesithathu ku-January ngonyaka ozayo.
Echaza ngezinhlelo zokumaka amaphepha neziqhubekayo ezikhungweni ezahlukene ubeke kanje.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/8Nqr04XNn9BPzy&podcast_id=0e37bfe9-7950-425f-bf93-26ac3c26afce” width=”100%” height=”200″]