“Nakuba Zikhona Izinkinga Zamanzi Kodwa Akukabi Inhlekelele”- Senzo Mchunu

Written by on 6 December, 2023

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe wamanzi, uSenzo Mchunu, usezwakalise ukukhathazeka ngezinkinga zamanzi kulelizwe, ikakhulu kulezo zifundazwe eseziqale ukukhala ngokuntuleka amanzi.

Uthi yize lezinkinga zikhona kodwa benza konke okusemandleni ukubhekana nazo.

Izolo uMchunu ushicilele umbiko wocwaningo mayelana namanzi aphuzwayo kulelo, iBlue and No Drop Water, nekhomba ukuthi zikhona izingqinamba ekumele zisukunyelwe.

UNgqongqoshe uMchunu uthi amanzi abalulekele kakhulu emhlabeni jikelele, ekuqinisekiseni impilo yabantu ngoba ngaphandle kwawo futhi ngaphandle kokuhlanzeka kwawo, impilo yomuntu ingaba sengcupheni.

Uthi zikhona izinhlelo zokubhekana nezinkinga zamanzi ezweni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background