Skip to main content

By Xolani Khumalo

Ungoti kwezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi ngeke luqalwe phansi ukhetho uma kutholakala ukuthi ngempela likhona iqembu elishodelwe amavoti okhethweni lwangenyanga edlule uMay.

 

Kuzokhumbula ukuthi iqembu loMkhonto Wesizwe kanye namanye ambalwa elingagculisekile ngemiphumela yokhetho, selimemezele ukuthi lizoqonda ngqo eNkantolo Yomhlaba Yezobulungiswa ukudlulisa loludaba.

 

Lenhlangano ithi ikhomishana eyengamele ezokhetho eNingizimu Africa, izishaye indiva zonke izikhalo ezilethwe kuyo ngamaqembu angu 26, akhala ngenkinga efanayo.

 

IMK Paty ithi ithemba labo selilele enkantolo yomhlaba, ngoba ayinakho ukuchema abathi kukhonjiswa yi IEC.

 

Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM uZikalala uthi uma kukhona iqembu elishodelwe amavoti lizobhekelelwa.