Bright Ntuli
UNgqongqoshe Wezempilo kuzwelonke u-Aaron Motsoaledi usesishayele ihlombe isinqumo esithathwe yibandla loFakazi BakaJehova sokushintsha inqubomgomo yalo mayelana nokumpontshelwa igazi.
Lelibandla linamalungu angaphezu kuka 9 million emhlabeni jikelele emazweni angaphezu kuka 200.
Phambilini belingahambisani nokuthi amalungu alo anikele ngegazi noma afakwe igazi lomunye umuntu ngenxa yendinyana ecashunwe eBhayibhelini.
Kodwa manje ubuholi balo sebuthathe isinqumo esiyingqophamlando nesikubeka ezandleni zamalungu alo ukuthi azikhethele wona ukuthi ayanikela yini noma ayazamukela yini izingxenye ezithile zegazi.
Okhulumela umnyango, uFoster Mohale, uthi ukwenqatshelwa kwamalungu alelibandla ukumpontshelwa igazi ngezizathu zenkolo bekungenye yezinkinga ezinkulu ohlelweni lwezempilo.
UMohale uthe,”Umngqongqoshe Wezempilo ulincomile lelibandla ngokuthatha igxathu elikhulu njengaleli, ngoba lesinqumo sethula umthwalo omkhulu emahlombe abasebenzi bezeMpilo.”
Lelibandla eselineminyaka engaphezulu kuka-100 lafika eSouth Africa selithathe elinye lamagxathu amakhulukazi ekuhambisaneni nosikompilo lwesimanje.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ephelele ka Foster Mohale


