Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Usihlalo we-IFP KwaZulu Natal uThami Ntuli usezwakalise ukudumala ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwamakhansela nabaholi bezepolitiki kulesifundazwe.

Lokhu kulandela ukubulawa kwekhansela leNkatha KwaNongoma enyakatho yesifundazwe, esigamekweni esishiye nabantwana ababili besikole belimele kanzima.

Ngokusho kwamaphoyisa, abantu abangaziwabavulele ngenhlamvu kulelikhansela emgwaqeni uR618, ngesikhathi lisematasa lilekelela emotweni ebifile kuwo lomgwaqo.

Athi labasolwa babe sebedubula bebhekise etekisini ebithwele izingane zesikole idlula,

UNtuli usenxuse amaphoyisa ukuthi azisukumele izigameko zokubulawa kosopolitiki.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/16385GBVwYRJq1&podcast_id=071dc37a-f334-47af-a1c3-c0367a498dec” width=”100%” height=”200″]