By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNonhlanhla Khoza, usenxuse abazali ukuthi bangaliphonsi ithawula ngabantwana babo, asebethathwa njengohlupho noma asebephelelwe yithemba ngekusasa eliqhakazile kubo.
Uthi okunalokho, abazali nentsha kumele basondelane nezinhlelo zikahulumeni, ikakhulukazi ezoMnyango wezokuThuthikswa koMphakathi ukuzwa ngezinhlelo ezikhona intsha engasizakala kuzo.
UKhoza usho kanje ekhuluma nezindaba zeGagasi FM, ngesikhathi kuqhubeka umcimbi womnyango wakhe wokugogoda kwentsha ebifunda ngaphansi kohlelo lwalomnyango lokucija amakhono.
UKhoza uthi ngale kokunikeza intsha amakhono nethuba lokufunda ngemisebenzi eyahlukene, baphinde bayilekelele ezinkingeni ebhekene nazo, neseziyenze yadikilwa imiphakathi ehlala kuyo ngenxa yokuhlupha.
[advanced_iframe src=”/https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/wx7Z8WLBPyWvLV&amppodcast_id=070e0cbe-0f99-41b4-9603-4e2d71f15a4b” width=”100%” height=”200″]