Sebevelile Enkantolo Abasolwa Kwelika-AKA

Written by on 29 February, 2024

By: Buhle Mbhele

Abasolwa abahlanu ecaleni lokubulawa kukalowo owayengumculi, uKiernan ‘AKA’ Forbes, kanye nomngani wakhe uTebello Tibz Motsoane sebephoqwe imantshi ukuthi baveze ubuso babo.

Labalisa, abebevele okokuqala enkantolo ngemva kokuboshwa kwabo bafike bezimboze ubuso sebewuthobele lomthetho ngokusukuma bakhumule izigqoko kanye nama mask abebewagqokile, ukuze baziveze ukuthi bangobani.

U-AKA noTibz badutshulwa babulawa ngomhlaka-10 February ngonyaka odlule eThekwini ngaphandle kwendawo yokudlela kuFlorida Road.

Ngokombiko kakhomishana wamaphoyisa aseKZN, uNhlanhla Mkhwanazi, bangu-7 abasolwa asebeboshiwe mayelana nalamacala, ababili babo basezitokisini eSwatini, ngamanye amacala.

Kanti uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usesincomile isinqumo semantshi sokuphoqa labasolwa ukuthi baziveze ubuso.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background