By: Nhlanhla Mbokazi
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSipho Nkosi, uthi abantu kumele baqonde ukuthi uma bedayisa noma beqashisa ngezindlu abazakhelwe uhulumeni kufana nokuthi baphuca izizukulwane ezizayo ilungelo lokuba nendawo yokuhlala.
Usho kanje ngesikhathi enikezela izakhamuzi zaku-ward 18 no-41, ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi, ePietermaritzburg, ngamatayitela ezindlu angu-398.
Lokhu kwenzeka ngaphansi kohlelo lwalo mnyango lokuhambela omasipala esifundazweni ukunikezela ngamatayitela ukuqinisekisa ubunikazi bomhlaba kanye nezindlu.
UNkosi uthi abahambisani nendaba yokuthi abantu baqashise noma badayise ngezindlu zoxhaso lukahulumeni.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/mvKnLq25wYq4Wm&podcast_id=224fec44-1f36-4e40-8ed0-63d39d05a22a” width=”100%” height=”200″]