By: Zilungile Mkhize
Inkantolo iNorth Gauteng High Court ekuqulwa kuyo icala lokubulawa kuka Senzo Meyiwa, seyithole ubufakazi belinye futhi iphoyisa obuveza ukuthi umsolwa wesibili uBongani Ntanzi wasibhala isitatimende ezivumela yena ukuthi wamubulala uMeyiwa.
Ufakazi wombuso uColonel Mohale Raphadu, uthi lesitatimende esifungelwe senziwa ngemuva kwezinsuku ezintathu nje kuphela uNtanzi eboshiwe mhlaka 16 June 2020.
Uthi umsolwa lo, wazikhethela yena ngale kokuphoqwa ukuthi ufuna ukugonyuluka, nakwenza okokuqala ephoyiseni esiteshini sase Moroka khona eGauteng.
URaphadu ugcizelela ngokuthi uNtanzi akafunanga ngisho nommeli ngesikhathi enza lesitatimende sokuvuma icala.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/DNPPMG6mm21567&podcast_id=3838d73b-eb00-4f6c-809e-1acb895a45bf” width=”100%” height=”200″]
Kanti ithimba labameli bakaNtanzi, selisole amaphoyisa ngokumphoqa ukuthi asayinde isitatimende esase sivele sibhaliwe khona eMoroka Police Station.