By: Nompendulo Ngubane
I-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ithi ayihambisani nesiphakamiso samanye amaqembu aphikisayo sokuthi inkulumo yokuvulwa kweSishayamthetho yiSilo uMisuzulu ka Zwelithini ibe ngosuku olulodwa nenkulumo ebhekiswe esifundazweni kaNdunankulu wesifundazwe uNomusa Dube Ncube.
I-Action SA iveze ukuthi ukuhlanganiswa kwalemicimbi kungonga imali eningi njengoba ithi imali engango-R3 million wamarandi esetshenzisiwe ukwenza lo mcimbi inkulu kakhulu.
USihlalo we-ANC eKZN uSiboniso Duma uthi lokhu abavumelani nakho.
Uthi ukwenza umcimbi ka Ngangezwe lakhe wodwa kuwuphawu olukhombisa ukuhlonipha iSilo ukuthi sethule inkulumo yaso ngosuku olungahlanganisiwe nomunye umcimbi.
UDuma uthi lo mbono wamaqembu ezepolitiki kungenye yezindlela zokukhankasa kwazise isikhathi lapho amaqembu ezepolitiki enxenxa amavoti nokudala ukuthi kube khona imibono ngenhloso yokuthola amavoti.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/q3pzn2xyD1mD53&podcast_id=d0b9686d-6be8-49ca-943f-00a56d7dd443″ width=”100%” height=”200″]