By: Simtho Dladla
Ukaputeni we-Kaizer Chiefs u-Itumeleng Khune usedalule ukuthi indlala yezicoco ebangela ukuthi angathathi umhlala phansi.
Sekuphele iminyaka engu-8 i-Chiefs yagcina ukuwina isicoco, kanti ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo zeGagasi FM, i-Extra Time, uKhune uveze ukuthi kunesilonda esingasoze saphola uma engashiya kuleliqembu engasitholanga.
Uqhuba ngokuthi kungamjabulisa ukuwina isicoco azozihambisela yena kusihlalo waleliqembu uDr Kaizer Motaung okuyindlela yokubonga kuleminyaka ayihlalile. U-Khune usanda kusayina inkontileka yonyaka owodwa naleliqembu lase-Naturena, kanti ungomunye wabadlali abayidlanzana asebehlale isikhathi eside kuleliqembu.
Leliqembu belaziwa kakhulu ngokuwina minyaka yonke kanti bagcine ngo-April 22 ngonyaka ka-2015 khathi beshaya iPolokwane City ngo4-1 ngamagoli kaGeorge Lebese, Bernard Parker kanye namabili kaMatthew Rusike.
Amakhosi angaphansi kwenkulu igcindezi kubalandeli ukuthi baqede lelishobolo, nokuzomele umqeqeshi omusha u-Molefe Ntseki aqale ngokunqoba emdlalo wabo wokuqala ngo-Sonto neChippa United enkundleni iMoses Mabhida, ngo-3 ntambama.
[advanced_iframe src=”<iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/B3nmvVP0LPRp4&podcast_id=fe1a8c2e-7c8b-43a1-ba1e-91a2a3042e7e” width=28% height=200px frameborder><a>Podcast stream by Fabrik.fm</a></iframe>” width=”100%” height=”200″]