By: Xolani Khumalo
Ukhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi usekusho ngaphandle kokungabaza ukuthi kunesandla sesithathu asisola ngokuzama ukuphazamisa umsebenzi wamaphoyisa.
Uthi usakuhlaba ukuhlakazwa kwethimba elikhethekile lakulesifundazwe ebelenza umsebenzi obalulekile wokuphenya ngamacala okubulawa kosopolikiti, nebeselibophe abantu abangu 379 emacaleni angu-151 eseliwaphenyile.
Isifundazwe saKwaZulu Natal yisona sodwa kuleli esamiselwa lelithimba ngenxa yamazinga aphezulu okubulawa kwamakhansela, kanye nezikhulu zikaHulumeni.
Ekuqaleni kwalonyaka ungqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu, wamemezela isigubhukane ukuthi uyalihlakaza lelithimba.
Engxoxweni abenayo ne-EWN uMkhwanazi uthi akuwenzi umqondo lokhu kanti usola abasezikhundleni eziphezulu ngokuba netwetwe lokuphenywa.
UMkhwanazi uyanaba:
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/D52qm9rrM23y8qqQ&podcast_id=d8f67b55-f3fc-4243-b400-687ae4ddd874″ width=”100%” height=”200″]



