Author: Phakeme Mnguni
By: Phakeme Mnguni IPhini likaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda, uSihle Zikalala, selamukele ukusayinwa koMthethosivivinyo Wokubuyiswa Komhlaba nguMengameli uCyril Ramaphosa. UZikalala uthi lomthetho uvula indlela yokubuyiswa komhlaba ukuze kuzuze imiphakathi futhi uhambisana ngokugcwele noMthethosisekelo wezwe. Uthi lomthetho uyingqayizivele emlandweni omude womzabalazo wezwe, futhi uzofaka iNingizimu Afrika endleleni yoguquko lomnotho kanye nokukhula kwawo okubandakanya wonke umuntu. UZikalala […]
By: Phakeme Mnguni Umlisa oqhamuka ezweni lase Pakistan osolwa ngokudubula abulale isisebenzi sakhe naso esiqhamuka khona ePakistan, usekhalelwe ngamasonga kasigonyela. Lomlisa onestolo sokulungisa omakhalekhukhwini, kubikwa ukuthi udubule isisebenzi sakhe amahlandla amathathu izolo ngolwesine ebusuku. Lesigameko senzeke enkabeni yedolobha iVerulam enyakatho yetheku. Kubikwa ukuthi umsolwa lo, uphinde wazama ukubulala nomunye umsebenzi kodwa wahluleka njengoba bemukhiyele ngaphandle. […]
By: Buhle Mbhele Opposition parties, including the Democratic Alliance (DA), ActionSA, and the Freedom Front Plus (FF Plus), have announced their intention to challenge the Expropriation Bill, which was recently signed into law by President Cyril Ramaphosa. The Bill repeals the Expropriation Act of 1975 and establishes a new, unified framework for expropriation, in line […]
By:Phakeme Mnguni UMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa uthi akakhathazekile nakancane ngobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika ngaphansi kobuholi bukaDonald Trump. IMelika iyizwe lesibili elikhulu elihwebelana naleli lengabade mgemuva kweChina. Umthetho i-African Growth and Opportunity Act, onikeza ukufinyelela kwamahhala emakethe yaseMelika emazweni ase sub-Sahara, kulindeleke ukuthi uphelelwe yisikhathi ngo september. Ekhuluma ngaphambi kokuqala kweWorld Economic Forum eSwitzerland, uRamaphosa uthi […]
By: Nompendulo Ngubane Isilo samaBandla onke uMisuZulu KaZwelithini sithi okwamanje angeke siphawule ngalutho ngezindaba ezithinta isizwe njengoba sisagonqile futhi nomkhosi wokweshama ungakapheli. INdlulamithi iphawule kanje ithula inkulumo yayo emcimbini wesikhumbuzo sempi yase Sandlwana ENquthu enyakatho nesifundazwe. Kuzokhumbuleka ukuthi kulo nyaka kubungazwa iminyaka engu 146 isizwe SamaZulu sanqoba amaNgisi embangweni wempi yomhlaba e Sandlwana ngonyaka u […]
By: Phakeme Mnguni Iqembu i-MK Party isinxuse uMengameli waseMelika uDonald Trump ukuthi angenelele aphenye mayelana nezindodla zama Dola ukuthi zagcina kanjani sezigqishwe ngaphansi kuka sofa kaMengameli uCyril Ramaphosa, epulazini iPhala Phala eLimpopo. Ithimba lezobunhloli lathola ngo-2022, kungenzeka ukuthi kwaba nokungaziphathi kahle kuka mengameli uRamaphosa. Yize kunjalo, amalungu e-ANC ephalamende likazwelonke, nokuyiwona ayenesibalo esiningi ngelesaskhathi, avotela […]
By: Phakeme Mnguni The World Health Organisation (WHO) has called on former US President Donald Trump to reconsider his decision to withdraw the United States from the organisation. Trump signed an executive order on Monday, citing the WHO’s alleged mishandling of the Covid-19 pandemic and its failure to demonstrate independence from political influence by member […]
By: Phakeme Mnguni I-ANC KwaZulu-Natal isisichithile isicelo se-Prudential Authority sokuthi kuvalwe ibhange iThala, esisezithebeni zenkantolo ePhakeme yase Pietermaritzburg. UNobhala wale nhlangano esifundazweni, uBheki Mtolo, uthi bangaphezulu kuka-400 abasebenzi balelibhange abazosala bengondinga sithebeni ngenxa yokuphelelwa wumsebenzi nokuzoshiya imindeni eminingi ehlwempu ingenalutho. Ibhange Ithala, okuyisikhungo sezimali esingaphansi kukahulumeni, libambe elikhulu iqhaza ekuhlinzekeni ngezinsiza zamabhange emiphakathini entulayo esifundazweni […]
By: Phakeme Mnguni Civil rights organisation AfriForum has criticised the Minister of Trade, Industry, and Competition, Parks Tau, over his proposed R100-billion Transformation Fund, labelling it as racially discriminatory. The fund aims to provide support for black-owned businesses through equity funding, debt relief, and grants. According to the proposal, it would be financed through private […]
By: Xolani Khumalo Iqembu uMkhonto Wesizwe selingelinye lamaqembu ezepolitiki asefake incindezi yokuthi kuxoshwe uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni. Lokhu kumayelana nezinsolo zenkohlakalo yethenda lika-R2,5 million athinteka kulo, elakhishwa ngesikhathi esayimenenja kuMasipala wase-Ba Phalaborwa eLimpopo. I-MK ithi ubukhona buka Ntshavheni kuleliHhovisi kunobungozi obukhulu njengoba esesikhundleni esinamandla angakwazi nokusisebenzisa ukugxambukela emsebenzini wabezomthetho. Okhulumela iANC kuzwelonke uMahlengi Bhengu-Motsiri […]
By: Zilungile Mkhize Owayengumabhalane wamajaji enkantolo eEastern Cape, uAndiswa Mengo usephike wema ngentaba ukuthi wayenobudlelwano bezothando nomengameli wamajaji kulesiyasifundazwe uSelby Mbenenge. uMengo wethula ubufakazi esigcawini sokuqulwa kwecali alifakile emangalela ijaji uMbenenge, kanti uthi akazange nangelilodwa ilanga wavuma ukuthi lelijaji leze elakwenza kuye. Usola lelijaji elikhulu kunawowonke eEastern Cape ngokumhlukumeza ngokocansi phakathi kuka June 2021 no […]
By: Buhle Mbhele UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthi basezinhlelweni zokuthi bakhulume nowayeyilungu le-EFF ePhalamende, uMbuyiseni Ndlozi ukuthi ajoyine lenhlangano. UMbalula uchaze uNdlozi njengelungu elihle lomphakathi nosopolitiki oqavile, kanti i-ANC ibona ingazuza lukhulu uma engawelela ngakuyo. Kuzokhumbuleka ukuthi i-EFF imemezele ukwesula kukaNdlozi esikhundleni sakhe sokuba yiLungu lePhalamende ekuqaleni kwale nyanga, ngemuva kokuthi kuvele amahlebezi athi […]
By: Sithulile Mdletshe UNdlunkulu uNtokozo kaMayisela-Zulu ngomlomo wommeli wakhe uMandla Luthuli, uthi akanankinga ngokulamaniswa emshadweni wakhe neSilo, inqubo nje uma kulandelwa imigomo efanele. UkaMayisela ubesenkantolo yase Mgungundlovu izolo lapho ebefake khona amaphepha aphuthumayo okumisa umshado phakathi kweSilo nengoduso uNomzamo Myeni. Yize inkantolo isichile isicelo sakhe sokuba kuvinjwe lomgcagco, isilo uMisuzulu naso kade sesinqume ukuwubhuntshisa lomshado. […]
By: Phakeme Mnguni Inhlangano i-ActionSA ithi uhulumeni kumele akubeke eqhulwini ukubhalisa izingane zakuleli ngaphambi kokuthi avulele ezabokufika kuleli abangenazo izincwadi iminyango. Lokhu kulandela umyalelo woMnyango wezeMfundo, oyingxenye yemichibiyelo esanda kuphasiswa eMthethweni Wezikole waseNingizimu Afrika. Oyilungu lalenhlangano ephalamende uLerato Ngobeni, uthi njengamanje kunenani labafundi abaphuma kwamanye amazwe abangaphezu kuka-300 000 ababhalise ezikoleni zikahulumeni zaseNingizimu Afrika. UNgobeni […]
By: Phakeme Mnguni I-DA isigxeke isimemezelo sikangqongqoshe wezoHwebo, izimboni kanye nezokuncintisana, uParks Tau mayelana nokusungulwa kwesikhwama soguquko esibiza uR100 billion, ekuhloswe ngaso ukusiza amabhizinisi abantu abamnyama. Ungqongqoshe ephendula umbuzo wasephalamende udalule ukuthi lokhu kuzoxhaswa ngokuphoqelela eminye imithetho yokufukula abantu abamnyama kwezomnotho ezinkampanini ezizimele. UToby Chance weDA uthi uhulumeni akakwazi ukuphoqa amabhazinisi ukuthi angeze intela, noma […]
By: Buhle Mbhele Icala elibhekene nowayenguSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa Nqakula, selihlehliselwe kumhlaka 28-March ukuze kunikezwe umbuso nabameli bakhe ithuba lokuxoxa ngezingxenye zedokodo ezingadalulwanga. Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMapisa-Nqakula efake isicelo sokuthi kudalulwe izingxenye ezisele zedokodo eNkantolo eNkulu yasePitoli namhlanje ekuseni. UMapisa Nqakula ufuna umbuso udalule isigaba B no-C samadokodo amayelana namacala abekwe won, kanti umbuso […]
By: Phakeme Mnguni Sekudutshulwe kwabulawa umshayeli webhasi oneminyaka engu-33 ubudala eWestham enyakatho yedolobha iTheku, eKZN. Onogada benkampani i-Reaction Unit South Africa (RUSA) babika ukuthi babizwe endaweni yesigameko nalapho abafike bathola khona ibhasi livundle umgwaqo, kanti phakathi bathole umshayeli walo edutshulwe amahlandla amaningi eshonile. Bathi ke kuthe uma behosha umkhondo endaweni yesigameko bathola ukuthi imibiko ihlongoza […]
By: Pamella Majola Sekuboshwe abantu-12 eNanda enyakatho yeTheku, ngezinsolo zokubandakanyeka ekubulaweni kwabalisa abangu-5 abatholwe beshonile enkundleni yezemidlalo. Izidumbu zalabalisa zitholwe eBambayi eNanda ngasesekoleni i-Nanda Newtown Comprehensive High School. Ngokombiko otholwe amaphoyisa, laba ababulewe bangenelwe abantu abangaziwa emakubo ezintatha namhlanje bathunjwa ngamunye ngamunye. Kanti izidumbu zabo zitholwe ngamalunga omphakathi zidindilize kulenkundla. Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshuinda uthi […]
By: Phakeme Mnguni Amaphoyisa esifundazweni iKZN aseqale umkhankaso wokuthungatha abasolwa abagengce babulala abantu abangu-5 eNanda, enyakatho yeTheku. Okhulumela amaphoyisa kulesifundazwe uRobert Netshiunda uthi bathole uxhaxha lwezingcingo, kubikwa ngezidumbu ezidindilize enkundleni yezemidlalo eseceleni kwesikole eBambayi namhlanje ekuseni. Uthi ke uma behosha umkhondo ngalesigameko bathole ukuthi labalisa abalinganiselwa eminyakeni engu-19 kuya kwengu-26 ubudala, bathunjwe emakhaya abo izolo […]
By: Bright Ntuli Usekhalelwe ngamasongo kasigonyela umlisa oneminyaka engu-21 ubudala ngezinsolo zokudayisa imiphumela ka-Matric ezinkundlelni zokuxhumana. Lomlisa oboshwe eHillcrest enyaktho yedolobha laseGoli usolwa ngokuthi ubedayisa lemiphumela u-R100 kumuntu ngamunye. Lokhu kwenzeke ngaphambi kokuthi umnyango wezeMfundo ukhiphe imiphumela ngokusemthethweni, kanti usukuqinisekisile nokuthi uphenyo luyaqhubeka ngaloludaba ukuthola ukuthi ngabe imiphumela iputshuke kanjani. Isikhulumi sophiko loklebe (Hawks) uKatlego […]
By: Phakeme Mnguni Sekutholwe izidumbu zabalisa abangu-5 eNanda, eNyakatho yeTheku namhlanje ekuseni. Abezimo eziphuthumayo iReaction Unit South Africa babika ukuthi babizwe endaweni yesigameko e-Inanda Newtown Comprehensive High School, nokulapho befike bathola khona izidumbu ezintathu. Bathi ke lezidumbu bezikhombisa ukuthi zilinyazwe kanzima emzimbeni nasemakhanda. Kuthe kusenjalo bathola umbiko othi kungenzeka ukuthi kukhona nezinye izidumbu buqamamana nalendawo, […]
By: Zilungile Mkhize Inxusa lase Zimbabwe eNingizimu Africa uEria Phiri, selimemezele ukusebenzisana neziphathamandla zakuleli lengabade ezinhlelweni zokuqinisekisa abantu baseZimbabwe ababoshwe kulandela ukutakulwe emayini iStilfontein, eNorth West. Njengamanje bangu abantu base Zimbabwe ababhekene namacala okuvukuza kulemayini ngokungemtehtho, abanye bakuleli ngaphandle kwezimvume. Lokhu kuza nje, amavolontiya alekelela ekutakuleni labavukizi akuqinisekisile ukuthi akusekho muntu osabhajwe emgodini. uPhiri uthi […]
By: Pamella Majola Inhlangano i-ATM ithi kumele kube khona ophendulayo ngenhlekelele eyenzeke emayini iStilfontein eNorth West. Amaphoyisa asebikele abezindaba ukuthi athole umbiko wokuthi sebephume bonke abavukuzi abangekho emthethweni ngaphansi komhlaba. Bangaphezu kuka 2000 abantu ekade bevukuza kulemayini asebekhishwe emgodini, kanti abangaphezu kuka-100 besebevele beshonile, ngenxa yesimo sangaphakathi kulemayini. Okhulumela iATM uZama Ntshona usegxeke uhulumeni oholwa […]
By: Phakeme Mnguni INingizimu Afrika isisamukule isivumelwano sokubekwa phansi kwezikhali okwesikhashana phakathi kwe-Israel ne-Hamas. Ithi ke lesi isinyathelo sokuqala esibalulekile sokuqeda inkinga ebhekene nabantu abangu 2.3-million base Palestine onqenqemeni iGaza Strip. Lokubekwa phansi kwezikhali okuzoqala ngeSonto, kubandakanya usivumelwano sokukhululwa kwabantu abangu-33 abathunjwa yi-Hammas kanye nokudedelwa kweziboshwa zase Palestine ezibhadle emajele akwa-Israel. Isikhulumi sikaNgqongqoshe wezokuxhumana namazwe […]
By: Xolani Khumalo IBuild One South Africa ithi ukuhambela kukaMengameli Cyril Ramaphosa ekugcotshweni kukaMengameli omusha wase eMozambique uDaniel Chapo, kuthumela umyalezo oyingozi mayelana nokuma kweNingizimu Afrika ngentando yeningi. Leliqembu lithi ukhetho lwaseMozambique belukhungethwe udlame nokungahambi ngononina kwezinto, kuzo ekubalwa nemizamo yokusocongwa kwabaholi bamaqembu aphikisayo kanye, nokubukela phansi ukuba semthethweni kwabo. Ibamba lesikhulumi se-BOSA uRoger Solomons […]
By: Bright Ntuli UHulumeni wakuleli uthi usesebenze kanzima ukuguqula isimo sibe ngcono ukufunda nokufundisa ezikoleni zakuleli. Uthi lokhu kubala ukuzama ukuqeda izikole ezakhiwe ngodaka, ukwakha amagumbi okufundela amasha nasezingeni likanokusho kanjalo nokuqeda izindlu zangasese zomgodi. Umnyango wawuzikalele umnqamulajuqu womhlaka 31 March kulonyaka ukuthi zonke lezinto zibe sezenziwe futhi, engasekho nhlobo amathoyilethi aloluhlobo ezikoleni zakuleli. Oyisikhulumi […]
By: Phakeme Mnguni UMholi we-EFF uJulius Malema uthi ukubunjwa kweqembu likalowo owayungeMengameli wakuleli uJacob Zuma, iMK Party ikona okwaholela ekwehleni kokwesekwa kweqembu lakhe okhethweni lukazwelonke nyakanye. Ukwesekwa kwe-EFF kuzwe lonke kwehle kwafinyelela ku-9.5% okhethweni lukazwelonke lwango-May kusuka ku 10.5% elaliwuthole ngonyaka ka-2019. Leliqembu likhale ngaphansi ladlulwa yi-MK P njengeqembu lesithathu elikhulu ezweni eliphikisayo. uMalema ke […]
By: Phakeme Mnguni Sekudutshulwe kwabulawa ingane yomfana eneminyaka engu-13 ubudala endaweni yase Maotana, enyakatho yedolobha iTheku. Abezimo eziphuthumayo bakwa Reaction Unit South Africa babika ukuthi babizwe endaweni yesigameko, nalapho befike bathola khona ukuthi lomfanyana udutshulwe entanyeni nasesandleni sobunxele kanti bamfice esethule. Bathi abazibonele ngamehlo, babikele ukuthi umufi ubehleli nabangani bakhe egcekeni ngesikhathi kugasela abalisa abathathu […]
By: Pamella Majola Ikomidi elibekele ezempilo esishayamthetho saKwaZulu-Natali lithi amaphaphu phansi ngegciwane elidla lubi ezweni laseChina. Leligciwane elaziwa nge metapneumovirus likhula nsuku zonke kanti izimpawu zalo zifana neze Covid 19. Usihlalo walelikomidi uImran Keeka uthi njengamanje isebusika ezweni laseChina nathi ingakho leligciwane libhebhetheka kalula. Uqhuba ngokuthi asikho isidingo sokuthi abantu bakuleli besabe ngoba azikho izinkomba […]
By: Phakeme Mnguni UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa uthi yalandelwa yonke imigudu efanele ngokomthethosikelo weqembu, ngesikhathi kuxoshwa loyo owayenguMengameli walenhlangano uJacob Zuma. U Zuma osengumholi we-MK Party uZuma usenike i-ANC umnqamulajuqu wangomhlaka 31 kulenyanga ukuthi imubuyisele mjemgelungu layo noma ibhekane nengalo yomthetho. Encwadini ayibhalele leliqembu, udalule izinto ezingu 12 athi alizenzanga ngendlela ohlelweni lokulalelwa kwecala lakhe […]