By: Bright Ntuli
Inhlangano yamalungelo abantu i-Sonke Action Campaign isicele umhlangano ophuthumayo neHhovisi likaMongameli kanye nezinhlaka ezibalulekile zikahulumeni ukuze kuxoxwe ngokushesha mayelana nodlame lokucwasa ngokobuzwe ngaphambi kwemibhikisho yokulwisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho.
ISonke isho kanjena njengoba ngoLwesibili lwamhlaka 30 June -izinhlangano zomphakathi zihlele imibhikisho kuzwelonke yokuphikisana nabakuleli ngaphandle kwezimvume.
Okhulumela lenhlangano uTauriq Jenkins uthi bafuna kuboshwe ngokushesha abaholi abaqavile bezinhlangano zomphakathi ezigqugquzela lama mashi.
Uqhuba ngokuthi abaholi ekubalwa kubo abe-Operation Dudula, be-March and March kumele baboshwe ngokushesha njengoba ebasola ngokugqugquzela udlame nokuphehla inzondo.



