Zilungile Mkhize
Inyunyana yabasebenzi embonini yezimoto, i-Motor Industry Staff Association, ithi lemboni akumele ithembele emakethe eyedwa nje vo yezohwebo uma ibheke ukuthuthukisa umnotho wayo.
Lokhu kulandela isinqumo seMelika sokukhipha iNingizimu Afrika ohlelweni lwe-African Growth and Opportunity Act kusukela ngoJanuwari wonyaka ozayo.
I-AGOA, wuhlelo lokuhwebelana olwasungulwa uhulumeni waseMelika ngonyaka ka-2000, ngenhloso yokusiza amazwe ase-Afrika ukuthi akwazi ukuthumela imikhiqizo yawo eMelika ngaphandle kokukhokha intela yokungenisa impahla eningi.
Okhulumela i-MISA, uPhakamile Hlubi-Majola, uthi lemboni ivele idonsa kanzima ngenxa yentela ka-25% ebekwe yiMelika ezimotweni ezithengwa kwamanye amazwe.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Majola…
“The automotive sector remains a cornerstone of the economy, contributing 23.8% of South Africa’s manufacturing output in 2025,”
“Trade Industry and Competition Minister, Parks Tau indicated that South Africa has 60 days to motivate its case before the AGOA removal takes place,” kusho UMajola.




