Zilungile Mkhize
UMengameli uCyril Ramaphosa usecele abantu besilisa ukuthi bayeke ukuhlukumeza abesifazane, ethi kudingeka kuqiniswe umsebenzi wamaphoyisa kanye nohlelo lwezobulungiswa ukuze kuliwe nodlame olubhekiswe kwabesimame.
Ekhuluma eHyde Park, eGoli, uRamaphosa uthi uhulumeni uyaziqinisa izinsiza zokweseka izisulu zokuhlukunyezwa, kanti uphinde wandisa isibalo samaphoyisa ukuze kuqinisekiswe ukuba khona kwawo emphakathini.
Uthi kunemali eyengeziwe esibekwe ukubhekana nodlame olubhekiswe kwabesifazane.
URamaphosa ugcizelele ngokuthi kulindeleke enye imali kwisabelomali sango February wangonyaka ozayo, ukuze kuqiniswe izinhlelo zokuvikela abesifazane.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaRamaphosa…
“We did reflect on what we have been doing, passing the right laws, making sure that victims of abuse are properly cared for in the police stations and in our courts,”
“As for the police we have been increasing the police numbers of the past three years and we will continue to do so,”kusho URamaphosa.
Ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane kusaqhubeka nokuba enye yezingqinamba ezinkulu uhulumeni obhekene nazi. Yize izibalo zamacala abikwe emaphoyiseni zehlile uma uqhathanisa nonyaka odlule, zisaphezulu ngendlela ethusayo.




