Skip to main content

Zilungile Mkhize

Ogaqele isikhundla sikaMeya wase Goli ngaphansi kweDA, uHelen Zille, usekuchithile ukuthi leliqembu lingasebenzisana ne-EFF uma kubakhona uhulumeni wobumbando kulomkhandlu.

Izolo iNingizimu Africa ibambe ukhetho lohulumeni basekhaya, lapho izakhamuzi kuzwelonke zivotele omeya kanye namakhansela asemawadini azo kanye nakomaspala.

Abavoti abaningi bakhale kakhulu ngokungahambi kahle kokulethwa kwezidingo zomphakathi, bazwakalisa nokukhathazeka ngesimo sohulumeni basekhaya ezweni lonke.

UZille ukhuluma nabezindaba ngemuva kokuvota kwakhe e-Emmarentia Primary School eRandburg.

Nokho, akathandanga ukuphawula ngokuthi i-DA ingavuma yini ukuba nezingxoxo zokwakha umfelandawonye ne-ANC noma i-MK Party.

Cofa ngezansi uzwe inkulumo ka Zille…

“Ngiyanithembisa ukuthi uma kungadingeka ukuthi sakhe uhulumeni wobumbano ohlanganisa amaqembu ayisishiyagalolunye, ohlanganisa ne-EFF, sizokhetha ukuba seqenjini eliphikisayo ngoba lokho yikho kanye okuchaza ukungakwazi ukuphatha kahle uhulumeni.”

“Kuyacaca ukuthi isisombululo esingcono kakhulu ukuthi sithole amavoti amaningi ngoba lokho kuzosivumela ukuthi sibe nohulumeni ozinzile we-DA iminyaka emihlanu, bese niyabona ukuthi yini esingayenza.” kusho uZille.

Yize ukubalwa kwamavoti kusanda kuqala, izibalo zeDA ziyathembisa kumasipala waseGoli njengoba ilokhu ingqengqeleze yodwa phambili, kanti EFF yona ilandela kude endaweni yesine.