Skip to main content

Buhle Mbhele

Umgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, uyavuma ukuthi selinciphile ithemba kubalandeli baleli qembu.

UDuma uthi amafolosi e-ANC komasipala abahlukene ayalelwe ukuthi abeke eqhulwini izidingo zomphakathi njengoba izikhalo zezakhamizi ziqale lapho.


Ekhuluma nezindaba ze Gagasi FM eKloof, entshonalanga yeTheku, ku Ward 10 lapho evote khona, uDuma uthi abaholi be-ANC sebebonile ukuthi ukunganeliseki kwezakhamizi ngendlela amakhansela aleli qembu ahlinzeka ngayo izidingo, kube nomthelela ekwehleni kokwesekwa kwalo okhethweni lwango-2021.

“We must do things differently as I was already highlighting because key features is the issue of unemployment. Yes, it is affected by international relations but we must do something as the government,” kusho uDuma.

Ubalula izinkinga ezihlanganisa ukuhlinzekwa kwamanzi nogesi kanye nenkohlakalo.

Okhethweni lwango-2021, i-ANC yathola amaphesenti angu-41.8 nezihlalo ezingu-99 eThekwini, yaphoqeleka ukungena kuhulumeni wobumbano.

UDuma uyavuma ukuthi leli qembu lisabhekene nenselelo yokuvuselela ithemba kubavoti.

Khonamanjalo, abahlali baku Ward 11 bayaqhubeka nokuvota eKloof Methodist Church.
Le wadi njengamanje liphethwe yi-DA, nayo ezimisele ngokuphinde ithole ukwesekwa kwabavoti.