Skip to main content

By: Pamella Majola

INkantolo yesiFunda yaseMpangeni enyakatho yeKwaZulu-Natal isigwebe umlisa iminyaka engu-26 ngecala lokudlwengula kanye nelokuzama ukubulala ingane eneminyaka engu-6 ubudala.

Imibiko isiveze ukuthi ingane yayithunywe esitolo yabe isihlangana nalomlisa oneminyaka engu-21 ubudala nowayengumngani kababa wayo.

Wayidonsela ehlathini wayidlwengula wayishiya lapho ezitshela ukuthi uyibulele.

Okhulumela uphiko lwezokushushisa i-National Prosecuting Authority  (NPA), uNatasha Ramkisson-Kara uthi bayasamukela lesigwebo.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/ZzzwYn5BRP6W53&podcast_id=cc2396d3-0ea7-416a-a212-4d131a8ccc8d” width=”100%” height=”200″]