By: Bright Ntuli
UNgqongqoshe kagesi, uKgosientsho Ramakgopa, uthi uhulumeni unemisebenzi emibili nje vo esemqoka kakhulu njengamanje nokuqeda i-loadshedding kanye nokuqinisekisa ukuthi kunamandla anele kagesi esikhathini esizayo.
Isikhungo esibhekele ezamandla uNersa, sesinike uhulumeni igunya lokuthi usengaqhubeka nezinhlelo zokuthenga ugesi ongu-2500 megawatts ophehlwe ngamandla e-nuclear.
URamokgopa uthi ingxenye yenkinga ekhona kagesi kulelizwe ukuntuleka kwamaqhinga okungenelela ukuqinisekisa ukuthi ugesi uzohlala ukhona nangomuso.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/prGzr3BrJzL3Jx&podcast_id=9fe7ff9a-5ac8-45f3-803e-3413601dc99e” width=”100%” height=”200″]