By: Sthabile Majola
Umphathi Omkhulu wesikhungo esibhekelela imiphumela kaMatikuletsheni, uMalusi, uMafu Ramoketsi usekuqinisekisile ukuthi sebekulungele ukukhipha imiphumela ka-Matric 2023 ngomhlaka 18 kuJanuary.
Ukhuluma kanje nje, izinkulungwane zabafundi zilindele ukuthola imiphumela yazo ngoLwesihlanu mhlaka 19.
URamoketsi uthi amaphepha abo ezivivinyo zokugcina, ahlolisisiwe kahle ngesikhathi emakwa ukuze baqinisekise ukuthi anesigxivizo esivela kuMALUSI.
Uthi abantu kumele bakhululeke uma kuza ezitifiketini zabo ngoba kuza ezangempela, hhayi ezomkokotelo.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/ryqM478NzGR111&podcast_id=bb0778c0-86e0-4ccf-a7ba-e5cd339d1e69″ width=”100%” height=”200″]