“Ayadingeka Amadoda Aqotho”-Paul Mashatile

Written by on 21 November, 2023

By: Pamella Majola

Usekela Mengameli, uPaul Mashatile, usenxuse abantu besilisa, kusuka ebafaneni abasakhula ukuthi badlale indima yokuba ngabavikeli kanye nabantu abaqotho emphakathini, nasemakhaya abo.

Uthi ukukhuthaza nokufundisa abafanyana abasakhula ngokuziphatha kahle nokuvikela labo ababuthaka, kungasiza empini ekhona yokunqanda udlame lobulili i-Gender Based Violence.

UMashatile ubekhuluma emcimbini wokwethula ngokuphelele uhlelo lokulwa ne-GBV, ngesikhathi kuqhubeka iPhalamende labantu besilisa eGiyani eLimpopo.

Uthi ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, kumele kusukunyelwe ngamadoda aqotho, kuphinde kube yimpi engenelwa yiwona wonke umuntu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background