Skip to main content

Noluthando Mchunu

Umasipala weTheku usukushayele ihlombe ukuthi izibalo zekota yesithathu yalonyaka ezikhishwe ngabakwa Statistics South Africa zikhomba ukuthi yilelidolobha kuphela lapho izinga labantu abangasebenzi elehle khona.

Izibalo ziveza ukuthi ngekota yesithathu ka2025 izinga labantu abangasebenzi lalihleli ku27,8 % kanti manje lihleli ku 22.2 wamaphesenti.

Lokwehla ngo -5.6% kubeka iTheku ezingeni elifanayo neCape Town ekubeni umasipala omkhulu futhi onezinga elincane labantu abangasebenzi.

Okhulumela umasipala uSenzwelwe Mzila usebeke kanje,” The Ethekwini City Manager says that these figures reflect am encouraging expansion in employment indicating that more of residents are engaging in productive work compared to a year ago,” kusho uMzila.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMzila.


Umasipala weTheku ubike nokuthi phakathi kwekota yesithathu ka-2025 nekota yesithathu ka-2026, isibalo sezakhamuzi zaseThekwini ezingasebenzi sehle ngabantu abangu-101 000, sisuka ku-464 000 saya ku-363 000.

Isibalo sezakhamuzi eziqashiwe sona sikhule ngabantu abangu-66 000, safinyelela ku-1,27 million. Lokhu kuwukukhula okuphezulu kunakho konke okurekhodwe komasipala abakhulu ezweni.

Ukuqashwa kwabantu emkhakheni wemisebenzi esemthethweni eThekwini kukhule ngo-146 000, okulingana nokukhula ngamaphesenti angu-18,2.