By: Buhle Mbhele
Umeya kamasipala weTheku uCyril Xaba usememezele ukuthi isikhathi sokwephulelwa kwamakhasimende alomaspala izikweletu zawo, zamanzi, ugesi kanye nama rates sizokwelulelwa unyaka ozayo.
Uthi umkhandlu weTheku usuvumelene ngokuthi loluhlelo ludlala indima enkulu ekutheni umasipala uqoqe imali yawo ngokufanele kodwa futhi ungashayi kakhulu izakhamuzi ezihlala ngaphansi kwawo.
Loluhlelo luhlose ukusiza abahlali kanye nosomabhizinisi ukuthi kusulwe uhhafu wezikweletu abanazo kumasipala uma bekhokha lomunye uhhafu wesikweleti sabo ngokuphelele.
U-Xaba echaza ngaloluhlelo nokuthi luzoqhubeka kanjani uthi abantu bakhalile ukuthi sebecwile bavele ngamakhanda ezikweletwini baginda ukungenelela kukamasipala.
“Sibe sesithi uma usikweleta noma ngabe usikweleta malini kuze kube ngumhlaka-31 ku January wangonyaka ozayo. Uma uza kithi uthi ungawukhokha u-50% wesikweletu sakho, sizobe sesikuphulela u50%,” kubeka uXaba.





