By: Sthulile Mdletshe
Ungqongqoshe wezemidlalo namaciko u-Gayton McKenzie usesole ikhomishana yamalungelo abantu i-SAHRC ngokudicilela phansi isithunzi sakhe.
Lokhu kulandela isinqumo salekhomishana sokuvulela u-McKenzie icala mayelana nemibhalo yakhe emidala ezinkundleni zokuxhumana esiphinde yavumbuka emphakathini.
Kulembalo, usolwa ngokusebenzisa amagama anokucwaswa ngokwebala nenkulumo enenzondo.
Eziphendulela ngalokhu, u-McKenzie ukubeke kwacaca ukuthi ngeke axolise ngoba ukholelwa ukuthi akonanga ngalutho.
Uthi ke akekho umuntu ongamtshela ukuthi kungani esolwa ngokucwasa ngokwebala ngoba wacaphuna amazwi ka Gandhi; ngisho kungenziwa ucwaningo lwe-Google Search, kuzobonakala ukuthi impela ngamazwi ka Gandhi lawa ayewasho.
Uqhuba ngokuthi bazolulwisa loludaba ngoba kuyacaca ukuthi kunetulo lokumqumba phansi.



