Skip to main content

Zilungile Mkhize

Umasipala wesiFunda uMgungundlovu, maphakathi neKZN, uthi ukuthuthukiswa kwezinhlelo zokulekelela abafundi ngezobuchwepheshe kuzosiza ekutheni kungabikhona mfundi osalela emuva.

Lomkhandlu wethule uhlelo i-Intergrated District Management and Operational Plan, oluyingxenye yohlelo lokuthuthukiswa kwezifunda i-District Development Model okuhloswe ngalo ukuguqula izinhlelo zentuthuko zibe yizenzo ezibambekayo.

Umeya wase Mgungundlovu uMzi Zuma uthi akekho umfundi okufanele aselele emuva kwezobuchwepheshe, ngoba lokho kuphazamisa ngisho ikusasa lakhe uma eseya ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Uthi uhlelo lokusebenzisana kwezikole, zilekelelane kulomkhakha luzosiza iningi.

“Sifuna leyonto enjengaleyo ukuze ikole zethu zaseMngungundlovu zikwazi ukulekelelana sifukule infundo yaseMngungundlovu,” kusho uZuma.

Uqhube wathi, “Kodwa futhi ngaloluhlelo sifisa ukuthi kube nalento ekuthiwa i digital literacy, kungabi khona ingane yala eMngungundlovu ethinta i computer okokuqala ngoba isiya e University, sifisa ukuthi senze ngalelo hlelo ke.”

IsiFunda saseMgungundlovu singezinye yeziFunda eziqhubekayo nokukhiqiza imiphumela emihle nakumatikuletsheni, kwazise onyakeni ka2025 sithole i pass-rate engamaphesenti angi 90.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaZuma…