Skip to main content

Bright Ntuli

UMnyango wezokuphepha komphakathi eKZN uthi kubalulekile ukufundisa imiphakathi ngodlame lwezobulili nokuvula izindlela zokuthi izakhamuzi zikwazi ukuveza izinselelo ezibhekene nazo.

Oyinhloko ye-Provincial Secretariat kulo mnyango, uNtokozo Mchunu, ubekhuluma emhlanganweni nomphakathi mayelana ne-GBV ohlelwe yilo mnyango, ngokubambisana noMasipala waseRichmond maphakathi ne KZN.

UMchunu uthi kubalulekile ukuthi abaholi abahlukene, okubalwa nalabo abasebenza ngaphansi kwemikhandlu elwa nobugebengu bazazi izinselelo ezibhekene nemiphakathi ukuze bakwazi ukusebenzisana ekutholeni izixazululo.

Uthi ukuvakashela imiphakathi nokuyifundisa kuyasiza ekuvuleni izindlela zokuthi abantu bakhulume ngezinkinga ababhekene nazo, baphinde bathole ukwesekwa okudingekayo.

Cofa ngenhla ukuzwa inkulumo ka Mchunu…

“This plan is not a once off plan, it’s a continuous plan. That’s why when you look at our gender based violence activist that the departmnent has employed which are based in the police station, even at the back of their t-shirts it’s written 356 days against GBV,” kusho uMchunu.