Skip to main content

By Samkelo Biyela

Umndeni wowesilisa (38) uCelani Zungu oshone emva kokushayiswa iloli elithutha amanzi eMbumbulu eNingizimu yeTheku uthi ucela ubulungiswa ngalesehlakalo esiwuvelele.

UZungu ulimale emva kokuba azame ukuma phambi kweloli lamanzi ebelizama ukudlula ngenkathi yena kanye namanye amalungu omphakathi bezama ukuvimba umshayeli.

Ngeshwa, umzamo kaZungu awuzange uphumele, kunalokho uphenduke umshophi onyantisa igazi lapho iloli ligibele phezu kwakhe lamgxoba ngesondo langaphambili wadlula emhlabeni khona lapho.

Lokhu kuvele nge video esisabalale ezinkundleni zokuxhumana okuyiyo esibeke loludaba ematheni. Kubikwa ukuthi amalungu omphakathi abezama ukuvimba leliloli njengesenzo sokubhikisha phezu kwezinsolo zokuthi abashayeli bamaloli amanzi kaMaspala weTheku badayisela amanye amalungu omphakathi amanzi ekumele engabe atholakala mahala.

Emva kokuzwa ngaloludaba, iMeya yeTheku uCyril Xaba, iKhansela lendawo (Ward-96) kanye nezinye izikhulu zikamaspala zibe sezivakashela umndeni wakwaZungu ngoMsombukuko ntambama beyodlulisa amazwi enduduzo.

Okhulumela umndeni, umfowabo kaCelani, uSakhile Zungu uthi umndeni ubungakujabulela ukuthi umthetho uthathe indawo yawo, bathole ubulungiswa ngalesehlakalo esibavelele.

“Ebesingakufisa noma obekungenza siphole ukuthi umthetho uthathe indawo yawo uma kunga ukuthi mhlasimbe umfwethu aziveze emthethweni. Ubulungiswa nje into ebesicela yenzeke kuphela.”

USakhile ube esephetha ngokuthi ukuvela kweMeya kanye nekhansela kubanike ithemba lokuthi buzoba khona ubulungiswa.